Libalahlile icala ababanjwa ‘beqabulana’ emotweni

2017-10-20 14:00

Tunis – Owesilisa odabuka eFrance kanye nowesifazane waseTunisia balahlwe yicala lokungaziphathi kahle emphakathini ngoLwesithathu, ngemuva kokufaka isicelo sokuphikisa isinqumo.

Lokhu kulandela isigameko sokuboshwa kwalezi zithandani ezabanjwa ngamaphoyisa zangana emotweni.

Lezi zithandani, zimile kwelokuthi zazingaqabulani, zibe sezithola isigwebo esingaphansi kwaleso ezasithola enkantolo ngomhlaka-4 Okthoba ngemuva kwentukuthelo eyazwakaliswa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana mayelana nalesi sigameko.

Indoda ithole isigwebo sezinyanga ezine isejele ngecala lokungaziphathi kahle emphakathini nokuhluleka ukuthobela amaphoyisa, kwathi owesifazane wathola isigwebo sezinyanga ezimbili ngecala lokuqala.

OLUNYE UDABA: Badedelwe abavela kuFacebook beqabulana

"Lesi kube yisinqumo esizimele," kusho lowo okhulumela ihhovisi lokushushiswa komphakathi, uSofiene Sliti, etshela i-AFP.

"Lokhu okubikwe ngabezindaba kuleli naphesheya kwezilwandle okulona iqiniso – laba ababoshelwanga ukuba babanjwa beqabulana, kepha batholakala benqunu emotweni,” esho.

Ngemuva kwecala ngoLwesithathu, owesifazane ube esekhihla esikaNandi ngesikhathi sekufundwa isitatimende samaphoyisa esithi lezi zithandani “zazenza imikhuba yocansi” ngesikhathi zimiswa amaphoyisa ngomhlaka-1 Okthoba eTunis.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...