Kwakusobala ukuthi yimina ozothatha izintambo kuMengameli - Owaxoshwa

2017-03-09 11:03

London – Lowo owayeyiphini likamengameli waseZimbabwe uJoice Mujuru kubikwa ukuthi uthe kwakusobala ukuthi nguyena ozothatha izintambo kuMengameli Robert Mugabe ngaphambi kokuba axoshwe yiqembu elibusayo iZanu-PF nohulumeni ngo-2014.

UMujuru waxoshwa ngemuva kokuba umka Mugabe, uGrace, esungule umkhankaso wokulwisane naye, emsola ngokudala uqhekeko nokufuna ukugudlula uMugabe.

OLUNYE UDABA: Usesitokisini ohlasele inkosi ngembazo kubangwa isihlahla

UMujuru, kodwa waziphika izinsolo ngemuva kwalokho wasungula elakhe iqembu, kanye nalabo ababengamalungu eZanu-PF.

Ngokusho kweNew Zimbabwe, uMujuru uthe isizwe sasifuna kube nguyena ozothatha izintambo ngesikhathi iZanu-PF imxosha kuhulumeni.

UMujuru ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma eLondon School of Economics e-United Kingdom.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...