Kuzomiswa izinhlelo zomkhwenyana wendodakazi kaMugabe

2017-12-18 09:33

Harare – Izinhlelo zabatshali bezimali kanye nomkhwenyana kaRobert Mugabe zokusungula inkampani yezindiza eZimbabwe zibhajiwe, kulandela izinguquko zangenyanga edlule.

“IZimbabwe Airways, okuthiwa inabaxhasi abangabatshali zimali abazinze eZimbabwe nakwamanye amazwe yasungulwa kulandela ukuba kwenkampani kahulumeni i-Air Zimbabwe ebisintekenteke futhi inenkinga yezimali,” kusho imibiko yabezindaba.

USimba Chikore, ongumyeni wendodakazi kaMugabe uBona wayeyisikhulu se-Zimbabwe, kuthiwa naye uyingxenye yalaba abasebenzela ekusunguleni le nkampani entsha.

Le nkampani isithole izindiza ezine zohlobo lwamaBoeing 777 kusukela kwelaseMalaysia kubika iphephandaba iZimbabwe Independent.

OLUNYE UDABA:Uhulumeni omusha waseZimbabwe 'uzimisele ngokuhlonipha uMugabe'

Yize sekwenziwe umsebenzi omningi kangaka ngale nkampani, ubuholi obusha bukamengameli u-Emmerson Mnangagwa bungabhedisa zonke izinto unga usaqhubeka lo msebenzi.

“Kusahlolisiswa kahle izinhlelo zalo msebenzi, ngemuva kwalokho, uMengameli uzokwelulekwa ngokuthi awunqande ungabe usaqhubeka,” kusho umthombo waleli phephandaba.

Kuthiwa kunezinhlelo zokutakula le nkampani ewayo yezindiza i-Air Zimbabwe, kukhokhelwe nezikweletu zayo okuthisa zingaphezu kuka- 300 million US dollars.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...