Kuyalelwe amaphoyisa ukuba ahlukane no-Whatsapp

2016-10-27 18:03

Lilongwe – Isikhulu samaphoyisa eMalawi uLexten Kachama sesiyalele amaphoyisa ukuba ahlukane no- whatsapp uma esemsebenzini, kodwa agxile emsebenzini wawo.

UKachama ukhale ngomkhuba wamaphoyisa osuwandile wokusebenzisa u-whatsapp emsebenzini, wathi lokhu kukhombisa ukungawukhathaleli umsebenzi.

Usho kanje ngoLwesibili engqungqutheleni ebimayelana namaphoyisa esifazane.

Funda nalolu daba: Iboshiwe indoda ebanjw eihlinza inkomo eyebiwe

"Ngikhathazekile ngamaphoyisa esifazane asemancane esiwaqashayo kulezi zinsuku. Lamantombazane asebenzisa kakhulu uWhatsapp, adinga usizo… Lo mkhuba kumele uphele ngoba ungcolisa igama lamaphoyisa,” kusho uKachama.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...