Kuxoshwe inqwaba yabaseNigeria abebefudekele eCameroon

2017-02-23 11:02

Maroua – Babalelwa ngaphezu kuka-500 abantu abangabokudabuka ezweni laseNigeria ebebekade bebalekele entshonalanga neCameroon ngenhloso yokubalekela iqembu lamaphekula eleseka inkolo yobusulumane, iBoko Haram, lokhu kushiwo yinhlangano ye-UN ebhekelele abafudukela kwamanye amazwe.

Izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu baseNigeria sezisele dengwane ngenxa yezidlamlilo zeBoko Haram esezihlasele kaningi kwaze kwashona abantu kusukela ngonyaka ka-2009 njengoba zifuna ukuthi kubuswe ngokwenkolo yamaSulumane entshonalanga neNigeria.

OLUNYE UDABA: Kushiswe okusolwa ukuthi iyizidleke zezidakamizwa nabaqwayizi

Esitatimendeni esithunyelelwe i-AFP, i-UN High Commissioner for Refugees ithe “ikhathazeke kakhulu” ngemuva kokuxoshwa kwabokudabuka eNigeria abangu-517, okuhlanganisa nabangu-313 abebefake izicelo zokubhaca.

Le nhlangano ithi ihlela ukusayina isivumelwano neCameroon kanye neNigeria ngomhlaka-2 kuMashi nesizokwenza ukuthi abaseNigeria abangu-85 000 abafudukile bazivolontiyela bona ukubuya.

Kodwa ithi isaqhubeka nokunxusa uhulumeni waseCameroon ukuthi uqhubeke nokunika abantu abafuna indawo yokubhaca indawo nokuthi ihloniphe indlela yokwenza emhlabeni engahambisani nokuphoqwa kwabantu ukuba baphindele emazweni abo. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...