Kuxoshwe amadodana kaMengameli efulethini likanokusho eSandton

2017-07-16 11:01

Harare – Amadodana kaMengameli Robert Mugabe axoshwe efulethini likanokusho elisendaweni yaseSandton ngenxa yokungaziphathi kahle, kubika iphephandaba ngoLwesihlanu.

Imininingwane iza ngemuva kokuba umka Mugabe ngenyanga edlule ethe kudingeke aphuthume eNingizimu Afrika ezotholela amadodana akhe indawo yokuhlala.

IZimbabwe Independent, icaphune imithombo emibili engadalulwanga, ithi abafana ababili -uRobert Junior noChatunga Bellarmine – bebeqashe indawo yokuhlala kanokusho eThe Regent eMorningside, eSandton.

OLUNYE UDABA: Kushone 8 wabalandeli enkundleni

Kubikwa ukuthi izindawo zokuhlala kule ndawo zibiza imali engafinyelela ku-R74 000 ngenyanga, kubika iphephandaba.

"Abafana bebejwayele ukuba namaphathi ebusuku namantombazane ehlukene, bephuza bebhema,” kusho umthombo ohlala kule ndawo utshela iphephandaba.

"Ezinye iziqashi bezihlala ngokukhalaza ngomsindo obuzwakala endlini engu-601 (okuhlala kuyona amadodana kaMugabe)."

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...