Kuvuke iminjunju abantu abangu-11 bebulawa yisifo esingaziwa

2017-04-29 10:40

Monrovia – Izikhulu ze-United Nations zithi bangu-11 abantu ababulawe ukugula okungaziwa eLiberia,  njengoba ukuhlolwa kwabo kuveze ukuthi ababulawanga yigciwane le-Ebola.

IWorld Health Organisation ngoLwesihlanu ithe iziphathimandla zisazama ukuthola ukuthi ngabe labantu abaguliswanga yini yinto abayidlile noma abathintanga yini amakhemikhali athile.

OLUNYE UDABA: Ubize umkakhe ngomshini okhiqiza izingane

Abanye abantu abahlanu basagcinwe esibhedlela eSinoe County, okuyindawo engamakhilomitha angu-400 ukusuka ngaphandle kwenhlokodolobha, ngemuva kokukhala ngobuhlungu besisu. Ababili kubona basesimeni esibucayi.

Ukushona kwezisulu kuvuse iminjunju ezweni iLiberia, okuyizwe okwashona kulona abantu abangaphezu kwabangu-4 800 ngenxa ye-Ebola.

Abantu abashonile bebethamele umngcwabo wesihlobo.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...