Kuvalwe izigqebhe namahembe aveza amabele ezisebenzini zikahulumeni

2017-07-05 16:00

Kampala – Izisebenzi zikahulumeni e-Uganda zibhekene nemithetho enqala mayelana nendlela ezigqoka ngayo uma zisemsebenzini kulandela ukuthi uhulueni ekhiphe umgomo wokuba zigqoke “ngendlela ehloniphekile”.

Izisebenzi zesifazane ziyalelwe ukuba uma zigqokile zingavezi amabele, zingazipendi izinzipho ngemibala egqamile, zingawaluki amasingili noma zixhume izinwele, zingawagqoki amahembe angenamikhono noma akhanyayo.

Ezingamadoda zona ziyalelwe ukuthi zigqoke amahembe anemikhono emide, amajakhethi nothayi kanti amabhulukwe akumele azikale ukuma kwazo.

Kuthiwa uma izisebenzi zehluleka ukuthobela le migomo zizoqondiswa izigwegwe.

Le migomo ekhishwe nguNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni ibhekiswe kuzo zonke izisebenzi zikahulumeni ezingawufaki umfaniswano etohweni, kepha kunomuzwa wokuthi lo mgomo ubhekiswe kakhulu ezisebenzini zesifazane.

OLUNYE UDABA: 'Akuvalwe izigqebhe ezikoleni, ziphazamisa othisha'

Yize abesifazane bezovunyelwa ukuba bafake amabhulukwe, kepha akumele bagqoke ababambayo kanti iziketi nezingubo kumele zime emadolweni okungenani.

I-Uganda iyizwe elisashaya ngoludala kanti abesifazane bahlezi bekhononda ngokuhlukunyezwa uma begqoke izigqebhe emphakathini.

UMqondisi walo Mnyango kwandabazabantu, u-Adah Muwanga, uthe bekumele kube khona abakwenzayo kulandela ukuthola izikhalazo eziningi.

"Sithole izikhalazo eziningi, ikakhulukazi ngezisebenzi zesifazane, mayelana nendlela ezigqoka ngayo emsebenzini. Kukhalwa ngokuthi kunabesifazane abagqoka izigqebhe ezitshengisa izitho zomzimba ezingavunyelwe emphakathini e-Uganda,” esho etshela i-BBC.

Uthe uMnyango kungumsebenzi wawo ukuthi ulawule indlela umphakathi owubuka ngayo.


- BBC

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...