Kutinyelwe uMugabe ngokunikela ngo-$1m ‘izwe lihlupheka’

2017-07-04 16:00

Harare – Usethole okukhulu ukugxekwa uMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, ngokunikela kwakhe ngesamba semali engu-$1 million kwi-African Union (AU).

NgoMsombuluko uMugabe udlulisele isheke lika-$1 million kwi-AU ngemuva kokuthi yena kanye nabalandeli bakhe bedayise amakhulu ezinkomo ngenhloso yokweseka le nhlangano yezwekazi i-Afrika.

Emcimbini wokuvula umhlangano wezinhloko zemibuso kanye nohulumeni e-Addis Ababa, e-Ethiopia, uMugabe uthe isithembiso sakhe sangaphambilini sezinkomo ezingu-300 eminyakeni emibili eyedlule siye safinyelela eqenjini lakhe kanye nakubantu.

OLUNYE UDABA: Unkosikazi kaMugabe uphuthume eNingizimu Afrika ezofuna indawo yokuhlala

UMugabe, nowayenguSihlalo we-AU kusukela ngonyaka ka-2015 kuya ku-2016, sekukaningi ehlaba ikhwelo lokuthi leli bhodi lizihlinzeke lona ngosizo lwezimali.

Ilinganiselwa ku-60% imali yokuqhuba umsebenzi kule nhlangano evela kwabanikelayo, okunokuthi ivele kumalungu amazwe, ngokombiko wephepha likahulumeni, iHerald.

Umsakazo waseZimbabwe, iZBC radio, uthe umnikelo kaMugabe ube iyona nto egqamile emcimbini wokuvulwa kwalo mhlangano ngoba kukhombisa ukuthi “ngempela kungakwazeka ukuthi izwekazi lincike kulona futhi linganciki kubaxhasi bangaphandle”.

Yize noma singekho isibalo esikhishiwe sokuthi zingaki ngempela izinkomo ezidayisiwe sezizonke, kodwa uNgqongqoshe wezangaPhandle eSimbarashe Mumbengegwi, ucashunwe ethi “yizinkulungwane”.

Kodwa-ke abantu ezinkudleni zokuxhumana bakhwele badilika kuMugabe ngalo mnikelo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...