Kuthunyelwe owayengumengameli ukuba ayoncenga uMugube ehle esikhundleni

2017-11-20 18:02

Lusaka – UMengameli waseZambia u-Edgar Lungu uthumele lowo owayengumengameli wezwe, uKenneth Kaunda, eHarare ukuba ayozama ukunxenxa uMengameli Robert Mugabe ukuba ehle esikhundleni ngendlela enesidima kulandela ukuba amasosha ethathe amandla ombuso ngeledlule.

Iqembu elibusayo lumkhiphile uMugabe kwesokuba umengameli we-Zanu-PF ngesonto kanti kulindeleke abaholi beqembu bahlangane ngoMsombuluko ukuzodingida ngokukhishwa kwakhe kwesokuba nguMengameli wezwe.

"UDr Kaunda uhambe ngendiza yezikhulu zikahulumeni kanti futhi usefikile eHarare.”

OLUNYE UDABA: Uyaveva onqatshelwa ukondla ingane 'yakhe'

UMengameli waseBotswana u-Ian Khama naye ucele uMugabe ukuba ehle sikhundleni.

Ukungenelela kwamasosha kufake iZimbabwe endleleni ebheke empumelelweni nezokwenza izwe libe nokuthul, kusho uKhama kwi-Reuters.

"Angicabangi ukuthi kunomuntu okumele abenguMengameli isikhathi eside kangaka. SingoMengameli, hhayi amakhosi.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...