Kuthunjwe abafundi abahlanu nezisebenzi ezimbili

2017-01-15 13:32

Onitsha – Oshayasibhamu bathumbe abafundi abahlanu kanye nezisebenzi ezimbili, okubalwakuzona nowaseTurkey, esikoleni saseNigeria esineningizimu nesifunda i-Ogun, kusho amaphoyisa ngoMgqibelo.

Abathumbi, abathumbe abantu abayisithupha baseNigeria kanye nowaseTurkey osebenza kulesi sikole ngoLwesihlanu, bebengakaxhumani namaphoyisa noma iziphathiamandla zesikole futhi bekungakaboshwa muntu, kusho okhulumela amaphoyisa ase-Ogun u-Abimbola Oyeyemi.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ugwaze wabulala umyeni obedakiwe

"Sesijube amaphoyisa azobhekana nalolu daba futhi sizama konke ukuqinisekisa ukuthi izisulu zidedelwa zingalimele, bese kuboshwa nabenzi bokubi,” usho kanje.

NgoSepthemba, amaphoyisa esifunda i-Ogun ahlenga abantu ababili baseChina ababethunjiwe, ababesebenza kwenye yezinkampani kuleliya lizwe.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...