Kutholwe isidumbu sowesifazane sinqunu

2017-01-03 08:16

Windhoek – Kutholakale isidumbu sowesifazane ebesesonakele ngaphansi kwebhulohwe kuFlorence Nightingale Street, eNamibia, kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa aqhube ngokuthi kungenzeka ukuba lona wesifazane udlwenguliwe ngaphambi kokubulawa.

Ngokombiko we-The Namibian, okhulumela amaphoyisa, uFabian Amukwelele, uthe isidumbu ebesinqunu nebesesiqala ukonakala sitholwe ngobedlula ngendlela ngeSonto ekuseni.

OLUNYE UDABA: Isimanga okhulelwe ebeletha amatshe

Izingubo zakhe zitholakale zisaphazeke khona endaweni yesehlakalo, lapho kutholakale khona nezingubo zokulala kanye nomantrasi.

U-Amukwelele uxwayise umphakathi ngokuba ugweme ukuhamba ngasezindaweni ezingaphephile.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C High level clouds. Warm. PE: 18-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...