Kutholwe isidumbu sentombazane, 5, singenaso isitho sangasese nolimi

2017-05-18 14:08

Johannesburg - Intombazane eneminyaka emihlanu ubudala yaseHwange eZimbabwe obesekuphele izinsuku ezingu-12 idukile, itholakale ingenaso isitho sangasese kanye nolimi.

UShylet Mudenda waseKasibo Village, eHwange, wagcina ukubonakala ngo-Ephreli 29, kanti isidumbu sakhe sitholakale ngeledlule emfuleni ongamakhilomitha angu-20 ukusuka kubo.

Isidumbu besingakonakali ngesikhathi sitholakala, nokusho ukuthi umufi ubenezinsukwana ebulewe.

OLUNYE UDABA: Ifuna ilungelo lokukhipha isisu ingane,10, eyadlwengulwa

Izakhamuzi ngoLwesithathu zithe zisola ukuthi intombazane yathunjwa, yadlwengulwa izikhawu eziningi ngaphambi kokuba ibulawe.

Kuthiwa uShylet wahamba yedwa waphindela kubo ngemuva kokuba abangani bakhe bemhlekile ngesikhathi ewela emanzini kade bedlala.

Kwabonakala sezibuya ezinye izingane emakhaya ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uShylet akekho.

- Chronicle 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...