Kutholakale ushevu egazini lePhini likaMengameli

2017-08-21 13:59

Harare – Odokotela baseNingizimu Afrika abahlinze iPhini likaMengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa kubikwa ukuthi bathe bathole ushevu emzimbeni wakhe kanti ubusuze walimaza nesibindi sakhe.

Ngokombiki weNewsDay, imithombo esondelene noMnangagwa ithe odokotela bathole ukuthi udle ushevu kanti kuzothatha izinyanga ezimbili ukuba uhlanzwe egazini lakhe.

OLUNYE UDABA: Usebuyele kwelakubo uGrace Mugabe

Iphini likamengameli elineminyaka engu-74 ubudala liphuthunyiswe eNingizimu Afrika ngendiza ngesonto eledlule ukuze ezothola ukwelashwa.

UMnangagwa, ubethathwa njengomuntu okunguyena ozongena esikhundleni sikaMengameli kaRorboert Mugabe, uxinwe ukugula eralini obekukhuluma kuyona ngo-Agasti 12.  

Licaphuna imithombo, iphephandaba iThe Standard lithe uMnangagwa uhlinzwe ngoLwesithathu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...