'Kutholakale izicubu zomuntu esiswini sengwenya ebulewe'

2017-03-08 12:30

Harare – Ingwenya edutshulwe yabulawa onogada basesiqiwini eZimbabwe itholakale nezitho zomuntu esiswini, ngokusho kombiko ngoLwesithathu.

Izitho zomuntu kungenzeka ukuba ngezomdobi wezinhlanzi, uMedison Malasha, 40, waseBeatrice, ngokusho kombiko weNewsday.

Lo mdobi unyamalale ngoLwesihlanu edamini laseHoumead Farm, ngasedolobheni.

Umngani kaMalasha uthi ubone i-inflatable tube – evame ukusetshenziswa ngabantu basendaweni ukuze bangaminzi – intanta yodwa edamini.

OLUNYE UDABA: Kushone umfana olunywe yindlebe ebhukuda

Ngokuhamba kwesikhathi, ubone ingwenya idonsa inethi yokudoba. Phakathi enethini bekukhona isicathulo sikaMalasha.

Amaphoyisa kanye nonogada besiqiwi babikelwe ngesigameko, nokuholele ekutheni idutshulwe ingwenya.

Kube sekutholakala izitho zomzimba zomuntu esiswini sayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...