Kusolwa umbani ngokushona kwabantu abangu-73

2016-11-18 13:30

Pretoria – Abaphenyi baseMozambique bazophenya ngezinsolo ezithi kungenzeka ukuthi ukubanika kwezulu yikho okudale ukuqhuma kweloli likaphethiloli, kwashona abantu abangu-73 kuleliya lizwe.

Ongqongqoshe abathathu bahambele indawo yesehlakalo okuthiwa iqhele ngamakhilomitha angu-2 000 ukusuka enhlokodolobha iMaputo.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngoLwesithathu, kanti iningi labashonile bebezitapela uphethiloli kule loli kulandela ukuthi igingqike.

OLUNYE UDABA: Kushone 73 wabantu kuqhuma iloli likaphethiloli

Bathi bakuthathela phezulu ukuhlawumbisela kokuthi imbangela yale nhlekelele kungase kube ngumbani.

Kuphinde kwalimala abanye abantu abangu-100 kulesi sehlakalo.

Akucaci ukuthi abaphenyi bazowukhipha nini umbiko ophelele ngalolu daba.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-34°C High level clouds. Extremely hot.
Jhb: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C High level clouds. Warm. PE: 18-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...