Kushone umfana olunywe yingwenya ebhukuda

2017-02-26 18:30

Blantyre – Kushone ibhungu eMalawi ngemuva kokuhlaselwa yingwenya ngesikhathi ligeza eShire River eMangochi, ngokusho kombiko.

Ngokombiko weNyasa Times, amaphoyisa athi umfana unguGift Mwandidi, 17, kanti isehlakalo senzeke ngoLwesithathu mhlaka 22 February.

"Umufi uhambe eyobhukuda eKazembe eShire River. Eselapho, uhlaselwe yingwenya, embambe yayongena naye ekujuleni komfula,” kusho amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Ngibonga uMdali ngokungigcina isikhathi eside kangaka - Mugabe

Amaphoyisa athi abadobi ebebelapho bakwazile ukumkhipha esaphila umfana emanzini besebenzisa izikebhe.

"Ingwenya ibalekile yamshiya lapho umufi esesimeni esibucayi. Uphuthunyiswe eMangochi District Hospital nokuyilapho eshonele khona." 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...