Kushone ubaba nendodana kuphahlazeka indiza

2017-03-28 09:30

Harare – Ubaba nendodana bangabanye babantu abayisithupha abashone ngoMsombuluko ngesikhathi kuphahlazeka indiza encane ezintabeni zaseVumba, eningizimu yeZimbabwe, kubika i-ZBC.

Bonke abantu abayisithupha abashonile bekungabaseMozambique kanti bebesuka eBeira, belibhekise eMutaere, eZimbabwe.

Imibiko yabezindaba eMozambique ithi umshayeli wendiza kanye nomsizi wakhe bekungubaba nendodana kanti abanye abagibeli abane bekuyizikhulu zeCornelder, okuyinkampani ezimele yaseBeira, eMozambique.

OLUNYE UDABA: Ubabele enkantolo oshelwa ngenkani

Izakhamuzi zaseMutare, okuyindawo engasezintabeni zaseVumba, zithi zibone indiza yamasosha enophephela emhlane izungeza ngakule ndawo emini.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi kuvele ukuthi le ndiza ibithutha izidumbu izihambisa emakhazeni esibhedlela esiseMutare.

Indawo yaseVumba ijwayele ukuba nenkungu ekuseni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...