Kushone indoda ephuze kakhulu ubhiya ingadlile

2017-01-22 11:02

Lilongwe - Ishonele emdaweni yaseMchinji indoda eneminyaka engu-47 ubudala edabuka eZambia ngemuva kokuphuza kakhulu utshwala ingadlile.

Lesi sigameko sokushona kwale ndoda ehlonzwe ngelikaBoniface Miti senzeke ngoLwesithathu ngemuva kokusuka esigodini sayo ibheke eMalawi, eMwami iyophuza ubhiya.

OLUNYE UDABA: Ukuqhabula ubhiya ngosuku kungasindisa impilo yakho 

Okhulumela amaphoyisa aseMchinji, uKaitano Lubrino uthe le ndoda ibonakale iphuza ubhiya ingadlile ngaphambi kokushona.

Le ndoda itholwe idindilize phansi emzini ongahlali muntu.

"Umnikazi womuzi ubikele izihlobo zale ndoda ngadaba, nazo ebeseziseMalawi ziyophuza ubhiya."

Izihlobo zale ndoda zizamile ukuyihlenga kodwa ngeshwa ibisinesikhathi ishonile," kusho uLubrino.

Amaphoyisa aseMchinji anxusa umphakathi ukuba ungabuthinti utshwla ungakaze udle ngenhloso yokugwema izigameko ezifana nalesi.

 - Malawi24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...