Kushone amasosha amane kuphahlazeka indiza yawo

2017-04-15 11:32

Maseru - Kushone amasosha amane ngesikhathi indiza enophephela emhlabene abehamba ngayo iphahlazeka ngemuva kokushayisa izintambo zikagesi eThaba Putsoa eLesotho.

Phambilini bekubikwe ukuthi kushone amasosha amabili kulesi sigameko, kwathi elinye kanye nesikhulu esithile bangeniswa esibhedlela besesimeni esibucayo.

Okwamanje akucaci kahle ukuthi ngabe yibona yini labo abangeniswe esibhedlela asebeshonile.

OLUNYE UDABA: I-Numsa izokhuluma namalungu ayo ngesivumelwano samaholo

Le ndiza enophephela emhlabene ibithutha izaguga.

Izithombe zendawo yesigameko besezisabalele kakhulu ziveza izidumbu zivaleleke endizeni.

Amagama abashonile abengakamenyezelwa njengoba kuzoqale kwaziswe imindeni.

- SABC

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...