Kushone amaphoyisa amathathu kuqhuma ibhomu

2017-05-24 14:00

Nairobi – Kushone amaphoyisa amathathu kwalimala abanye abantu ababili ngesikhathi imoto ishayisa ibhomu ngasemngceleni ohlukanisa iKenya neSomalia, kusho isikhulu saseKenya ngoLwesithathu.

Amaphoyisa abesuka eKula Police Post elibhekisa ngasemngceleni eLiboi, kusho uMohamud Saleh ongumhleli esifundeni iNyakatho neNtshonalanga.

Uthe amanye amaphoyisa amathathu awalimalanga kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Ubulale umkakhe emsola ngokuqwayiza

Isigameko senzeke ngemuva kokuba isikhulu samaphoyisa, uJoseph Boinnet, simemezele ukuthi i-Al Shabaab iqinisa imizamo yayo yokuhlasela eKenya.

UBoinnet uthe i-Al Shabaab ingaphansi kwengcindezi eyithola kumasosha e-African Union elekelela uhulumeni waseSomalia kuleli qembu lezidlamlilo.

Emasontweni amabili edlule, lenyukile futhi nezinga lokuhlasela okwenziwa yiGarissa neMandera.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...