Kushone abazalwane abangu-16 beshaywa wumbani besesontweni

2018-03-12 11:00

Nyaruguru - Umbani ubulale okungenani abantu abangu-16 kwathi abanye abaningi balimala besesontweni iSeventh-Day Adventist, eRwanda ngoMgqibelo, kusho isiphathimandla.

Iningi lezisulu zishone ujuqu ngemuva kokushaywa wumbani zisesontweni elisesifundeni esiseningizimu yeNyaruguru, kusho iMeya uHabitegeko Francois etshela abezindaba ze-AFP.

Abanye abantu ababili bashone ngemuva kokuthola ukulimala kwathi abangu-140 baphuthunyiswa esibhedlela nasemitholampilo.

Kuthiwa ngoLwesihlanu umphezulu ubulale umfundi, kusho imeya.

Lezi zigameko ezenzene esifundeni esizungezwe yizintaba esingasemngceleni wezwe neBurundi zenzeke emini ngoMgqibelo ngesikhathi abazalwane baseGihemvu besenkonzweni.

OLUNYE UDABA: Kusolwa umbani ngokushona kwabantu abangu-73

"Odokotela bathi kula bazalwane abangeniswe esibhedlela, bathathu kubona abasesimweni esibucayi kepha isimo sabo siyethembisa," kuqhuba uFrancois.

Uthe esigamekweni sangoLwesihlanu, umbani ushaye abafundi abangu-18 kuleya ndawo, kwashona oyedwa.

Abanye abafundi basathola ukwelashwa esibhedlela kanti abanye sebededeliwe, kusho umbiko.

Lesi sigameko sokushona kwabazalwane besesontweni siza ngemuva kwamasonto amabili kuvalwe amasonto angu-700 eRwanda angahambisani nemithetho yokwakha kanye nokubanga umsindo.


- BBC

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Scattered tstorms late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C Sprinkles early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...