Kushone abazalwane abahlanu kuketuka isikebhe

2017-04-19 07:01

Blantyre – Kushone okungenani abazalwane abahlanu ngesikhathi isikebhe esakhiwe ngamapulangwe, nebesilayishe ngokweqile, sigubhuluqeka kwaminza abazalwane eMalawi.

Kuthiwa lesi sikebhe besithwele abagibeli abalinganiselwa kwabangu-60 kanti abazalwane bebebuya emigubhweni yePhasika ngesikhathi sivelelwa yilo mshophi eLake Malawi, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uVictor Khamisi uthe abanye abantu basindile kule ngozi eyenzeke ngeSonto esifundeni esisenyakatho iRumphi.

OLUNYE UDABA: Kushone 10 kucwila isikebhe olwandle

Babalelwa ku-54 abantu abahlengiwe ngoMsombuluko kulolu hlelo lokutakula obekusiza kulo nombutho wezempi kanye nabadobi basendaweni, kusho uKhamisi.

Uqhube ngokuthi abagibeli, okungamalungu eChurch of Central Africa Presbyterian, abebuya “emigubhweni yePhasika ngesikhathi bevelelwa yingozi ngenxa yomoya onamandla”.

“Asisazi isibalo esiqondile sabantu abadukile, kepha sisaqhubeka nokuthungatha,” esho.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 12-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...