Kushone abantu abangu-8 beshaywa ngumbani

2017-09-05 06:59

Bunia - Kushone okungenani abantu abayisishiyagalombili ngesikhathi umphezulu ushaya imayini yegolide eDemocratic Republic of Congo, kusho iziphathimandla ngoMsombuluko.

"Kuthinteke abantu abangu-30 kulesi sigameko, okubalwa nabayisikhombisa abafe ujuqu kwathi omunye washonela esibhedlela," kusho isikhulu sendawo uChristophe Ikando etshela i-AFP.

"Lo mbani uhlasele edolobheni iDungu esifundazweni iHaut-Uele, ngasemngceleni wezwe neSouth Sudan. Lokhu kwenzeka nje vele kunezimvula ezinkulu ezihlasele kuleya ndawo izisulu ebezivukuza kuyo igolide," esho.

OLUNYE UDABA: Umbani ubulale abantu abangu-11

Ngokombiko wezinhlangano zamalungelo abantu, izigameko zokuhlasela kwezulu ngalolu hlobo zejwayelekile esifundeni esisempumalanga kuleliya lizwe, nesicebe ngegolide.

Ngo-2016 kuleliya lizwe, umbani washaya isikole samabanga aphansi, kwashona abafundi abathathu kwathi uthisha walimala kanzima.

Kwenzeka lesi sigameko nje, izwekazi i-Afrika belisashaqwe ukushona kwezingane ezingu-9 ezidlule emhlabeni kulandela ukuthi umlilo wokhele indawo okulala kuyo abafundi abahlala ngaphakathi esikoleni samabanga aphezulu eKenya.

Ngemuva kokushona kwalezi zingane ngoMgqibelo, sekuvele ukuthi lo mlilo uqalwe ngamabomu.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...