Kushone abantu abangu-77 engozini yeloli

2017-07-06 07:16

Bangui – Kushone okungenani abantu bangu-77 ngemuva kokuthi iloli elithwala izimpahla – ebilayishe nabantu – ligingqika eCentral African Republic, kusho izikhulu ngoLwesithathu.

Lesi sibhicongo sengozi senzeke ngoLwesibili phakathi kwaseBambari nase-Ippy, enkabeni yezwe.

"Kuthathwe izidumbu ezingu-59 zayiswa emakhazeni asesibhedlela esiseBambari kwathi ezinye ezingu-18 zathathwa yizihlobo zabafi beyozingcwaba,” kusho isikhulu sesibhedlela saseBambari, uMichel Zahandji, etshela i-AFP.

Odokotela besihe iDoctors Without Borders (MSF) bathe babalelwa ku-60 abantu abalimele nabathole ukwelashwa ngaphambi kokudluliselwa esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Kushone 27 wezingane kugingqika iloli

"Le loli yiloli enkulu enamasondo ayishumi ebithwele inqwaba yezimpahla kanye nabantu beya emakethe. Ibe isichitha umthwalo nabantu," kusho uMeya yaseBambari u-Abel Matchipata.

Iphoyisa laseBambari lithe: "Sibale izidumbu ezingu-77 sezizonke, iningi labashonile bekungamadoda. Kukhona nabanye abalimele, abanye babangwa nezibi.”

Kusolwa inkinga yokuthi iloli isindwe kakhulu yase iyagingqika, kusho leli phoyisa elithe kuvulwe icala ukuze kuphenywe imbangela yale ngozi.

Isakhamuzi, uHubert Tchenebou, utshele i-AFP ukuthi akukhona okokuqala iloli ethwele ngokweqile idala ingozi kule ndawo.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...