Kushone abantu abangu-38 ibhasi likhalakathela eweni

2018-03-13 14:01

Addis Ababa - Kushone abantu abangu-38 ngemuva kokuthi ibhasi abebeligibele liphaphalaze layokhalakathela eweni enyakatho ne-Ethiopia, kusho abezindaba ezingaphansi koMbuso ngoLwesibili.

“Kushone abantu abangu-38, okungabesilisa abangu-28 nabesifazane abayishumi, kule ngozi enyantisa igazi," kusho umbiko weFana Broadcast Corporate.

Le ngozi yenzeke esifundeni iLegambo, e-Amhara, kusho lo msakazeli ocaphuna izikhulu.

OLUNYE UDABA: Kushone 23 kwalimala 40 engozini yebhasi

Kwesinye isigameko esenzeke eTurkey phesheya kwezilwandle, ingoduso kanye nalabo ebebezoba yizimpelesi bashonile sekusele amaviki ambalwa kushadwe, ngemuva kokuba indiza ebebehamba ngayo iphahlazeke ezintabeni, yagqamuka amalangabi.

UMina Basaran, oyindodakazi yesicebi saseTurkey uHuseyin Basaran, ubebuya emcimbini wakhe kanokushi wokuzilungiselela umshado ngesikhathi ehlelwa yingozi, kubika i-news.com.au.

Bekulindeleke ashade nesinqandamathe sakhe, uMurat Gezer, esingusomabhizinisi, ngo-Ephreli 14.

UMina, nabangani bakhe abayisikhombisa kanye nezisebenzi ezintathu zasebhanoyini bebegibele indiza kayise, ebisuka eSharjah e-United Arab Emirates ilibhekise e-Istanbul, eTurkey, ngesikhathi sengozi eyenzeke ezintabeni zase-Iran (eZagros Mountains).

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...