Kushone abantu abangu-27 kuketuka isikebhe

2017-07-16 19:02

Kinshasa – Kushone okungenani abantu abangu-27 kanti abangu-54 basadukile kulandela ukucwila kwesikebhe emfuleni iKasai, eDemocratic Republic of Congo, kusho isikhulu sendawo ngeSonto.

Uphenyo lutshengisa ukuthi kukhona abashonile nabadukile kulesi sigameko esenzeka kuzosa kube nguLwesihlanu, kusho isikhulu sase-Idiofa, uJaques Mbila, etshela i-AFP.

“Ngemuva kokwenza uphenyo olunzulu, singaqinisekisa ukuthi kushone abantu abangu-27 kanti abangu-54 badukile kulandela ukuketuka kwesikebhe,” kuqhuba uMbila.

“Ukugcwala ngokweqile kanye nabashayeli abasuke becwile ezinkambeni zikaFaro yikho okuba yimbangela yokucwila kwalezi zikebhe,” kuqhuba uMbila. “Iningi lezisulu yizingane zesikole ebeziya eholidiniholiday”.

“Ngikwazile ukuhlonza amandela amabili kulezi zidumbu ezingu-27 ezitholakele kanti angcwatshwe ngoMgqibelo e-Idiofa,” kusho uNelly Mafuta, ongumsakazi obekhona ecoshela ngale ngozi.

 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...