Kushone abantu abangu-18 kugingqika iloli abebeyigibele
2017-12-16 20:12
Bukavu – Kushone abantu abangu-18 ngoLwesihlanu ngesikhathi iloli ebithwele izimpahla nabagibeli igingqika emgwaqeni omkhulu empumalanga yeDemocratic Republic of Congo, kuqinisekisa uhulumeni.
Le ngozi yenzeke eBulambika, emgwaqeni oxhumanisa iBukavu neKisangani, esifundeni esisenyakatho-mpumalanga yeBunyakiri.
"Isibalo esisemthethweni sabashonile engozini eyenzeke eBunyakiri simi kwabangu-18," kusho uLuke Mulimbalimba, onguNgqongqoshe wezangaPhakathi eSouth Kivu, etshela izintatheli.
OLUNYE UDABA: Kushone abantu abangu-21 kugingqika iloli eZimbabwe
Uthe abanye abantu abangu-12 baphuthunyiswe esibhedlela esiseBukavu ngosizo lwezindiza ezimbili ezinophephela emhlane kanye nama-ambulensi amathathu.
Le ngozi yenzeke ngenxa yesimo esingesihle somgwaqo, ngokusho kukaJean Mwanuka, ongomunye wezikhulu zaseBunyakiri.
Izingozi zomgwaqo ezidlula nemiphefumulo yabantu zivamile e-DRC, lapho ukuhamba ngesivinini esiphezulu, yizimoto ezilayisha ngokweqile kanye nokunganakekelwa kwemimgwaqo nakho kunomthelela.
- News24