Kushone abantu abangu-10 ngenxa yezikhukhula eGhana

2016-06-15 10:01

Accra – Kushone okungenani abantu abayishumi okubandakanya nezingane ezingu-8 ngenxa yezikhukhula ezidalwe yizimvula ezinkulu eGhana, kusho umbiko.

Imvula ene ingenamkhawulo izinsuku ezine ngesonto eledlule idale lo monakalo enhlokodolobha i-Accra, kanye nasenkabeni yedolobha.

Lokhu kuza ngemuva kwesigameko sangonyaka odlule lapho kwashona khona abantu abangu-150 e-Accra kulandela ukuqhuma okwenzeka egalaji likaphethiloli.

OLUNYE UDABA: Umengameli unxusa ubumbano ezweni

"Babalelwa ku-10 abantu asebeshonile ngenxa yale mvula,” kusho owezinhlekelele ezweni uSandy Amartey etshela i-AFP.

"Kunabesifazane ababili nengane yentombazane abashone ngemuva kokuwelwa wudonga abebehamba eduzane kwalo,” kuqhuba u-Amartey.

Izakhamuzi zizwakalise intukuthelo kulandela ukushona kwabantu ngoba zithi uhulumeni wathembisa ukugwema izigameko ezifuze lezi ngesikhathi kwenzeka esifanayo ngonyaka ofile.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few tstorms. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...