Kushone abangu-8, kwalimala abangu-40 kunesiminyaminya enkundleni yezemidlalo

2017-07-06 18:11

Johannesburg – Imibiko yabezindaba eMalawi ithi abantu abangu-8, okubalwa nezingane, bashonile ngesikhathi kunesiminyaminya enkundleni yezemidlalo ngesikhathi kugujwa usuku lokuzimela kwezwe.

Iphephandaba laseMalawi, iDaily Times, libike ukuthi bangaphezu kwabangu-40 abantu abalimale kulesi sibhicongo ngoLwesine eLilongwe, nokuyiNhlokodolobha yaseMalawi.

OLUNYE UDABA: BUKA: Bakhala ezimathonsi abadayisi umlilo ungqongqisa imakethe enkulukazi

Leli phephandaba lithi kwabashonile kukhona nezingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu kanye nengu-12.

Lithi lesi sigameko senzeke ngesikhathi amaphoyisa esebenzisa isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza isixuku ebesizama ukumpintsha ukuze sizongena enkundleni yezemidlalo ukuzobukela umdlalo webhola. Lo mdlalo ubuyingxenye yemibungazo yeMalawi yokuthola ukuzimela kwiBritain ngomhlaka-6 kuJulayi, ngo-1964. 

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-34°C High level clouds. Extremely hot.
Jhb: 16-31°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-30°C Morning clouds. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...