Kushone abangu-8 kusuka isiphithiphithi enkundleni yezemidlalo

2017-07-07 07:10

Johannesburg – Imibiko yabezindaba eMalawi ithi kushone abantu abangu-8, okubalwa nezingane, ngesikhathi kusuka isibhudubhudu abantu benyathelana enkundleni yezemidlalo.

Kuthiwa lokhu kwenzeke ngesikhathi izwe ligubha usuku elathola ngalo uzimelegeqe, ngoLwesine.

Iphephephandaba laseMalawi, iDaily Times, libike ukuthi bangaphezu kuka-40 abantu abalimele kulesi sibhicongo esenzeke enhlokodolobha iLilongwe.

OLUNYE UDABA: Kushone 36 enkundleni yezemidlalo eMali

Liqhuba nokuthi kulaba abashonile kukhona nezingane eziphakathi kweminyaka emihlanu nengu-12 ubudala.

Leli phephandaba lithi lesi sibhudubhudu siqubuke ngesikhathi amaphoyisa esebenzisa usisi olukhalisa unyembezi ezama ukuhlakaza isixuku esizame ukududula abebengaphambili sifuna ukungena enkundleni ukuyobuka umdlalo kanobhutshuzwayo.

Lo mdlalo ubuyingxenye yemigubho yeMalawi kusukela yathola ukuzimela iphuma ngaphansi kweBrithani ngo-1964.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...