Kushone abane, kwalimala abahlanu engozini yesitimela

2017-12-19 16:00

Kananga - Kushone abantu abangu-4 kwalimala abahlanu ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi isitimela siphuma kujantshi maphakathi neDemocratic Republic of Congo (DRC), kusho iziphathimandla.

Isigameko senzeke esigodini saseBena-Kadiebue, okungamakhilomitha angu-65 ukusuka enyakatho yeKananga.

Kusolwa ukuthi imbangela yengozi kube yisihlabathi kanti nesibalo sabalimele nabashonile singase sinyuke njengoba isitimela sisalele ngohlangothi - okungenzeka ukuthi kukhona abacindezelekile.

OLUNYE UDABA:Ingozi yesitimela ibulale 20 eNdiya

Izingozi zezitimela zijwayelekile e-DRC kanti futhi zijwayele ukudlula nemipefumulo eminingi yabantu.

Ngomhlaka-12 Novemba kwashona abantu abangu-35 ababegibele isitimela esasithwele amathangi kawoyela engemuva kokuthi sakhalakathela emhosheni esifundazweni iLualaba.

Isigameko sangoMsombuluko ngesesithathu kule nyanga.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...