Kushone abafundi abangu-7 kusha indawo abalala kuyo

2017-09-02 15:11

Nairobi – Kushone okungenani izingane zamantombazane eziyisikhombisa emlilweni oqubuke egumbini okulala kulo abafundi esikoleni esiseNairobi ngoMgqibelo.

Kulesi sigameko kuphinde kwalimala ezinye izingane eziyishumi, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo eKenya.

"Kushone abafundi abayisikhombisa kulesi sigameko,” kusho uFred Matiangi ngesikhathi ehambele eMoi Girls High School, okuyisikole sikahulumeni esiseqophelweni eliphezulu kuleliya lizwe.

"Kumele silusukumele lolu daba. Amaphoyisa namanye amathimba abaphenyi sebeqalile ukuphenya futhi ngithanda ukusho ukuthi abazotholakala besephutheni bazothathelwa izinyathelo ezinqala,” kusho uMatiangi.

OLUNYE UDABA: Kusolwa izintambo zikagesi ngomlilo obulale 11 esikoleni

Lesi sikoleni, esinabafundi abangaphezu kuka-1 000, sizovalwa amasonto amabili njengoba kuzobe kuqhubeka uphenyo.

Amaphoyisa azama ukuthola ukuthi ngabe lo mlilo uyaxhumana yini nohide lwezigameko zezikole ezazishiswa ngo-2016.

Kulezi zigameko kokhelwa ngomlilo izikole ezingaphezu kuka-100 kuleliya lizwe ezinyangeni ezintathu.

Othisha abayishumi kanye nabafundi abangu-150 babekwa amacala ngokuqala le mililo ngamabomu.

Okunye ababekhala ngakho wumkhonyovu owawuqhubeka wokudayisa amaphepha eivivinyo kanye nezimpendulo zakhona ngaphambi kokuthiu kubhalwe.

Ezinye izikhalazo zazimayelana nentukuthelo yabafundi ngokushintshwa kwekhalenda lesikole.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...