Kushone 8 wabalandeli enkundleni

2017-07-16 09:02

Dakar – Kushone abantu abangu-8 eSenegal ngesikhathi kuqhubeka umdlalo wamanqamu eDakar ngoMgqibelo kulandela ukunyathelana kwabantu sekuphela umdlalo, kusho isikhulu sikhuluma ne-APS.

Kubhidlike nodonga lwenkundla iDemba Diop ngesikhathi abantu bezama ukuphuma ngemuva komdlalo obuphakathi kwe-Ouakam neStade de Mbour, kubika i-APS.

OLUNYE UDABA:  Usola imimoya emibi owabhaxabula umkakhe enkonzweni

Amaphoyisa kuthiwa aqhumise isisi esikhalisa unyembezi ngesikhathi abalandeli behilizisana, bejikijelana nangezinto ezithile, nokwenze abantu bagxoba ngesikhathi sebebaleka.

Babalelwa kwabangu-49 abantu abalimale kabi kulesi sigameko, kanti abezicimamlilo kanye nenqwaba yama-ambulensi abesendaweni yesigameko. 

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...