Kushone 8 ekhonsathini yomculo abantu benyathelana

2016-10-19 10:00

Luanda – Kushone okungenani abantu abangu-8 ekhonsathini yomculo ngempelasonto e-Angola, kusho amaphoyisa nabazibonele kwenzeka lesi sigameko.

Kuthiwa abantu banyathelane sekuphunywa enkundleni yezemidlalo ebigcwele inyinyitheka.

Amaphoyisa aseBenguela akhiphe isitatimende amemezela ukuthi “Kushone abantu abangu-8 kanti imbangela yalokho ayikaziwa okwamanje”, aqhuba ngokuthi kuyaphenywa.

OLUNYE UDABA: Kushone 19 abazalwane begxobana ngezinyawo

UNelson Sul, oyintatheli yase-Angola ebikulo mcimbi i-Afromusic ngeSonto ebusuku, uthe kungenzeka ukuthi senyuke isibalo sabashonile.

“Ziningi izidumbu ezisemakhazeni. Umthombo ongaphakathi emaphoyiseni ungitshele ukuthi kungenzeka ukuthi bangu-20 abantu abashonile kulesi sigameko,” kusho uSul etshela i-AFP.

“Kube nesiphithiphithi ngemuva kokuphela kwekhonsathi ngenxa yokuthi amaphoyisa abethungatha izigilamkhuba enkundleni yezemidlalo, abantu base badudulana bezama ukubaleka.”

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...