Kushone 43 ibhasi liphuma emgwaqeni, lashayisa isihlahla

2017-06-08 14:01

Harare – Okungenani bangu-43 abantu okukholakala ukuthi bashonile ngemuva kokuba ibhasi abebehamba ngalo liphume egwaqeni eZimbabwe labe selishayisa isihlahla, umthombo wezindaba eZimbabwe ubike kanjalo.

Le ngozi yenzeke ngoLwesithathu kusihlwa eduze mgwaqo omkhulu ohlanganisa iHarare nomngcele weZimbabwe kanye neZambia eChirundu.

“Umshayeli uhlulekile ukuthatha ijika nokuholele ekutheni ahluleke ukuthatha ijika labe selishayisa ijika ngaphambi kokuba ligingqike,” umsakazo kahulumeni waseZimbabwe, iZBC, ubike kanjalo.

OLUNYE UDABA: BUKA: Ibhasi libhajwe emgodini omkhulu

Lo msakazo uchaphune okhulumela amaphoyisa, uCharity Charamba, ethi “iqiniso lokuthi umshayeli uhlulekile ukuthatha ijika kuqinisekisa ukuthi kungenzeka ukuthi ubeshayela ngesivinini esivinini esiphezulu.”

I-website yezindaba kahulumeni iHerald Online ibike ukuthi bangu-24 abantu abalimele. Ithe laba baphuthunyiswe esibhedlela esiseningizimu nedolobha iChinhoyi.

Le nhlekelele yenzeke ngemuva kwezinyanga ezimbili kwasha kwangqongqa abagibeli abangu-31 ababesebhasini elalilibangise eNingizimu Afrika nelashayisana neloli elilayisha impahla maqede lagqamuka umliilo eduze naseMvuma, emgwaqeni omkhulu uHarare-Beitbridge.

Izithombe ezishicilelwe online yiZBC neHerald zikhombisa izingcucu eziboqokile zebhasi lakwa-King Lion nalapho izihlalo kanye nezikhwama ezifaka izingubo kanye nezinye izimpahla bekugcwele phansi. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...