Kushone 26 wabantu kushayisana amabhasi

2017-05-07 15:16

Warri – Iziphathimandla zithi babalelwa kwabangu-26 abantu abashonile ngemuva kokushayisana kwamabhasi amabili, agqamuka umlilo emgwaqeni omatasa kakhulu entshonalanga yeNigeria.

Okhulumela amaphoyisa e-Oyo u-Adekunle Ajisebutu uthe ngoMgqibelo bangu-11 abanye abantu abathole ukulimala kule ngozi.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owaluma isitho sangasese sentombi omyeni

Amaphoyisa athi amabhasi amabili abezama ukudlula ezinye izimoto eLagos-Ibadan Expressway agcina eseshayisana.

Izingozi zivamile emigwaqeni yaseNigeria, kanti bangaphezu kwabangu-5 000 abantu abadlule emhlabeni ngonyaka odlule, ngokwezibalo zikazwelonke.

Iningi lezingozi zidalwa ubudedengu, kanti ezinye yisimo semigwaqo esingesihle kanye nezimoto ezingakulungele ukuba emgwaqeni.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...