Kushone 20 wabafundi ebebebhukuda kunesiphepho

2017-03-20 07:22

Accra – Abafundi abangu-20 bashonile ngemuva kokuba izihlahla ziwele kubona ngesikhathi bebhukuda kunesiphepho eGhana, kusho abezimo eziphuthumayo ngeSonto.

Okhulumela iGhana National Fire Service uPrince Billy Anaglate uthe lesi sigameko esingajwayelekile senzeke ngeSonto ntambama, ngesikhathi abafundi besikole samabanga aphakeme bebhukuda eKintampo waterfalls, okuyindawo ethandwa kakhulu yizivakashi esifundeni saseBrong-Ahafo.

OLUNYE UDABA: Ubhunyelwe ngamafutha abilayo ebebanga umsindo

U-Anaglate utshele i-AFP ukuthi isiphepho sidale ukuba izihlahla ziwele phezu kwabafundi ebebesemanzini.

Abafundi abangu-18 bashonele endaweni yesigameko kanti ababili bashonele esibhedlela, kusho u-Anaglate, oqhube wathi abanye abangu-11 basathola ukwelashwa.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...