Kushone 12 kudutshulwa abazalwane enkonzweni

2017-08-07 07:26

Warri – Oshayasibhamu bagasele esontweni lamaKhatholika eningizimu-ntshonalanga yeNigeria ngeSonto, babulala abazalwane abangu-12, kusho imithombo engaphakathi esibhedlela kanye nabazibonele.

Isigameko senzeke ngabo-06:00 eSt Philip's church e-Ozubulu, ngasedolobheni i-Onitsha, kusho abazibonele.

"Okwamanje, bangu-12 abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile nabangeniswe emakhazeni lapha kanti abanye abaningi bathola ukwelashwa,” kusho esinye sezisebenzi zaseNnamdi Azikiwe University Teaching Hospital eNnewi, lapho kungeniswe khona izisulu,” sisho kanje sitshela i-AFP.

OLUNYE UDABA: Abantu bazitike ngocansi lwamahhala kungcwatshwa isigebengu

Inqwaba yabazalwane ebinamanxeba okudutshulwa ithola ukwelashwa esibhedlela, kusho umthombo.

Abazibonele bathi oshayasibhamu abahlanu ebebezifihle ubuso bangene esontweni bavulela ngenhlamvu bebhekise kubazalwane.  

Kodwa uKhomishana wamaphoyisa u-Garba Umar uthe ubeyedwa ushayasibhamu.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...