Kuqulwa elowathela umyeni ngamanzi abilayo kuxatshanwa

2017-04-17 10:00

Lilongwe – Uvelile enkantolo owesifazane waseMalawi ngezinsolo zokubhunyela umyeni wakhe ngamanzi abilayo kulandela ukungaboni ngasolinye, kusho umbiko.

Ngokusho kwephephandaba iNyasa Times, u-Angelina Mwanga, 19, waboshwa kanti futhi usevelile okokuqala enkantolo ngecala lokulimala omunye umuntu.

UMwanga nomyeni wakhe kubikwa ukuthi bebehlele ukuhlukana.

OLUNYE UDABA:Uyavela obhunyele umyeni ngamafutha abilayo

Kusolwa ukuthi waya ekhishini wayolanda 'izikhali' ngesikhathi kuqala ingxabano.

Kulandela ukungaboni ngasolinye uMwanga kusolwa ukuthi wathela ngamanzi abilayo umyeni wakhe ngo-mhlaka-8 Ephreli.

Umshushisi uChipiliro Kachigamba, unxuse inkantolo ukuba igixabeze umsolwa ngesigwebo esiqinile.

Icala lihlehliselwe ukuba umbuso ulethe omunye ufakazi enkantolo.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...