Kuqinisekisiwe ukushona kukaNgqongqoshe oshayeke phansi washona

2017-08-14 14:01

Harare - UNgqongqoshe wesifunda iMasvingo, eZimbabwe, uShuvai Ben Mahofa uquleke washona, kubika iphephandaba lombuso kuleliya lizwe, iHerald, ngoMsombuluko.

“UNgqongqoshe Mahofa uphuthunyiswe esibhedlela iMakurira ngemuva kokuquleka. Ushonele esibhedlela ngezintatha zangoMsombuluko,” kusho uNgqongqoshe wezoLwazi, ezeziNdaba kanye nezokuXhumana uDkt Chris Mushowe.

OLUNYE UDABA:I-Ipid iphenya esibandakanya ungqongqoshe eW Cape

Ukushona kwalo ngqongqoshe kuqondana ngqo nosuku lapho ilizwe iZimbabwe belihlele ukuguba uSuku lwamaQhawe.

Lolu suku luvame ukugujwa ngomhlaka-12 ku-Agasti, kodwa uMengameli uRobert Mugabe ubengaphilile kahle ngempelasonto nokuholele ekutheni kuhlehliswe umcimbi.

Lo Ngqongqoshe owayeyingxenye yezishoshovu ezazilwela umzabalazo, ushiya emhlabeni izingane ezine kanye nabazukulu abangu-27, kubika iThe Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...