Kuphele umshado ngenxa kaWhatsApp

2017-07-07 16:00

Bulawayo – Owesilisa wasePumula eZimbabwe ulandise ngobuhlungu benhliziyo kulandela ukuphela komshado weminyaka emihlanu ngenxa kaWhatsApp.

UTulani Tshuma uthi waqala ukunaka ukuthi unkosikazi wakhe, uNomalanga Khanye, useziphatha  ngendlela eyehlukile. Uthi wabe eseba nokusola ukuthi kukhona okushaya amanzi, kubika iBulawayo24.

“Ngaba nokusola engasafuni ngimlande emsebenzini njengenjwayelo. Wayevele angithethise athi angingamphathisi okwengane. Nganyanya kakhulu esengitshela ukuthi ngizomqhatha nabaphathi bakhe uma ngimlanda emsebenzini,” esho.

UTshuma uthi wabe eseqhamuka neqhinga lokubamba umkakhe engazelele.

OLUNYE UDABA: Kuchitheke umshado inkosikazi idayisela umhloli isinene

“Ngacela ukusebenzisa umakhalekhukhwini wakhe, wavuma engazi ukuthi ngifuna ukubona imiyalezo yakhe. Ngabe sengizithela phezu kwengxoxo eyayiphakathi kwakhe nesoka bexoxa ngocansi,” esho.

Uthi unkosikazi wakhe eseke wamgila ngaphambilini kepha wakhetha ukuthi balungise izinto ngoba banengane.

Ngemuva kokubona le miyalezo wabe eseqonda ngqo unkosikazi wakhe efuna akhiphe iqiniso.

“Ngambuza ngale miyalezo waqinisekisa ukuthi yisoka alithole ngenyanga eyedlule. Ngalelo langa wabuya emsebenzini waqoqa izimpahla zakhe wangishiya,” esho.

UTshuma uthi lokhu kumzwisa ubuhlungu ngoba ayikho into abengamenzeli yona unkosikazi wakhe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...