Kumiswe isisebenzi esifike sikhindile emsebenzini

2017-09-23 14:16

Kampala – Isisebenzi sasenkantolo yase-Uganda kubikwa ukuthi simisiwe emsebenzini ngenxa yokuthi sifike sigqoke ingubo emfishane nembambayo, nokuyinto ephambene nomthetho oqinile mayelana nendlela yokugqoka abasebenzi bahulumeni.

Encwadini efakwe enkundleni yokuxhumana, uNamuwanga Rosemary kuthiwa umiswe emasontweni amabili edlule ngemuva kokufika egqoke ngendlela okungavezi isithombe esihle ngabasebenzi bahulumeni.

OLUNYE UDABA: Sibi isimo kobhaxabulwe kubangwa umqwayizi

Incwadi ithi uNamuwanga waya ehhovisi ngoLwesine, eyobuza ngokubambezeleka komholo wakhe, ngesikhathi kubonakala ukuthi akagqokile ngendlela efanele.

NgoJulayi, kwamenyezelwa ukuthi abasebenzi bahulumeni abangawugqoki umfaniswano kabavunyelwe ukugqoka okuveza amahlombe, izinto ezikhanyayo nezibabambanayo emsebenzini. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...