'Kumele axolelwe uGrace Mugabe nobhululu bakhe,' kusho umshana kaMnangagwa

2017-12-08 11:00

Harare – Umshana kaMengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa usenxuse ukuba kuxolelwe uGrace Mugabe kanye nobhululu bakhe abaziwa ngeleGeneration 40, wathi manje sekuyisikhathi sokuthi iZanu-PF iqhubekele phambili ibumbene.

Ngokusho kombiko weNewsDay, ekhuluma ngesikhathi kunomcimbi wokugubha ukugcotshwa kukaMnangagwa eDema Rural District Council ngempelasonto, uTongai Mnangagwa uthe labo ababeseka uGrace babeholelwe ophathe.

Uthe manje sekuyisikhathi sokuthi kuthelelwane amanzi njengoba kubhekwe okhethweni luka-2018.

"Engingakusho ukuthi ayisekho indaba ye-G40 neLacoste. SiyiZanu-PF. Kumele sibhekane ngqo namaqembu aphikisayo sibumbene njengoba kuyiwa okhethweni. Le G40 iyizingane zethu ezazidukiswe ngabathile, kepha kubalulekile ukuthi siqhubekele phambili nomsebenzi yize kunezingqinamba," kucashunwa uTongai.

OLUNYE UDABA: UMugabe kumele alalele abantu ehle esikhundleni - Mnangagwa

UTongai uphinde watshela abalandeli bakamengameli omusha wathi lo mgubho usazoba mkhulu njengoba kulindeleke abaculi abafana noJah Prayzah ukuba banandise.

Imibiko kulezi zinyanga ezedlule ibitshengisa ukuthi iZanu-PF iqembuke phakathi njengoba abantu abebegaqele isikhundla sikaRobert Mugabe bebebhekene ngeziqu zamehlo.

UMnangagwa uthe uGrace wayeyingxenye yabasembangweni wokuthatha isikhundla sikaMugabe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...