Kumbiwe isidumbu sowangcwatshwa nendathane yemali yokugwazela uNkulunkulu

2017-10-05 17:53

Kampala – Isidumbu sesakhamuzi sase-Uganda esangcwatshwa nemali engu-Shs200m ukugwazela uNkulunkulu, sesimbiwe.

UCharles Obong, 52, owayeyisikhulu samaphoyisa, kuthiwa wayefuna ukusebenzisa imali yakhe ukuba axolelwe phambi kukaNkulunkulu, ngokubika kweZambian Observer.

U-Obong washona ngemuva kokugula isikhathi eside, wangcwatshwa emathuneni akubo ngebhokisi eliyinsimbi elingabiza u-Shs20m.

UDavid Elic uthi umfowabo wabashiyela incwadi yamafa, ebayalelayo ukuthi uma eseshonile kumele umkakhe uMargaret afake imali eningi ebhokisini lakhe.

OLUNYE UDABA: Ubhaxabule umkakhe ngokumitha kwendodakazi

Wayefuna ukuyinikeza uNkulunkulu imali ukuze ezomxolela izono zakhe, angamyisi esihogweni.

Kodwa abantu kanye nezihlobo bathi umufi akazange asho ukuthi yiziphi izono ayefuna ukuphenduka kuzona.

Ibhokisi kubikwa ukuthi limbiwe ngempelasonto edlule, kwakhishwa imali ebiphakathi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...