Kulindeleke aqoke iphini lesifazane uMengameli

2017-11-05 14:31

Harare – Umengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe kulindeleke aqoke owesifazane kwesokuba yiphini lakhe ngemuva kwengqungquthela yeqembu ngenyanga ezayo, kanti umkakhe kuthiwa ngoMgqibelo uthe kuzobe kungekho lutho olubi uma umyeni wakhe eqoka yena.

UMugabe,93, selokhu abangumengameli kusukela izwe lithola inkululeko ngo-1980. Futhi sekukaningi ethi uyoqoka ozongena ezicathulweni zakhe uma esethatha isinqumo sokuthatha umhlala phansi.

OLUNYE UDABA: Bathweswe icala abafanise uMengameli nenja

UGrace Mugabe utshele iZanu-PF kwaBulawayo ukuthi iqembu lakhe lizokwenza izinguquko kumthethosisekelo ezizoqala ukusebenza ngemuva kwengqunbgquthela engoDisemba ngenhloso yokuba elilodwa kumaphini akhe amabili kuba ngumuntu wesifazane.

Ukuvumela uMugabe ukuba aqoke iphini lesifazane kungase kushabalalise amathemba ephini lakhe u-Emmerson Mnangagwa, obebonakala esethubeni lokuthatha izintambo kuMugabe.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...