Kulimale abantu kuwa ibhilidi lakwaNandos

2017-02-19 18:29

Bulawayo – Kubikwa ukuthi kulimale abantu abangu-4 ngesikhathi kuwa isakhiwo sendawo yokudlela yakwa-Nandos eBulawayo eZimbabwe ngoMgqibelo.

Ngokusho kwabezindaba zangeSonto, kuzwakale umbiko ongakaqinisekiswa wokushona komuntu oyedwa kwabathole ukulimala.

Kuthiwa lo muntu ushonele esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Kushone 10 kuwa ibhilidi

Akucaci ukuthi kube yini imbangela yokuwa kwalesi sakhiwo, kodwa iZimbabwe.com ithe kusolwa ukuthi isigameko sidalwe izimvulo ezinamandla ezaqala kuleli dolobha ngoLwesihlanu olwedlule.

Imbangela iyaphenya.

Izithombe ezizungeza enkundleni yezokuxhumana itshengisa ezinye izisulu zidindilize phansi  ngesikhathi ezinye zitakulwa ematsheni.

IZITHOMBE:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...