'Kukhona konke lokhu, angikhonondi,' kusho umakoti olunywe yingwenya esezoshada

2018-05-08 18:04

Owesifazane waseZimbabwe osinde ehlaselwa yingwenya sekusele izinsuku ezimbalwa kube wusuku lwakhe lomshado, uthi "akakhonondi" ngalutho kepha into ayidingayo wukuthi umndeni wakhe nabangani benze into ezomjabulisa.

UZanele Ndlovu, awaduma esemncane edlala ibhola lomphebezo, unqunywe ingalo yangakwesokudla ngemuva kokuhlaselwa yingwenya ekade egwedla nomyeni wakhe ngaseVictoria Falls ngesonto eledlule.

"Bayangidikibalisa abantu abeza la bezongibona bese begcine sebekhala," kusho uNdlovu etshela iphephandaba iChronicle engxonweni abe nayo nalo esesibhedlea iMater Dei, kwaBulawayo. 

OLUNYE UDABA: Kushone umakoti nabebezolekelela kulungiselelwa umshado

"Ngilindele ukuthi umndeni nabangani benze okuzongithokozisa bangangikhumbuzi ngenhlekelele engivelele. Empeleni yimi ogcina esechitha isikhathi esiningi ngiduduza izihlobo zami," esho.

UNdlovu nomyeni wakhe uJamie Fox baqhubekile bashada ngemuva kwezinsuku ezinhlanu kwenzeke lo mshophi, nakuba bona bengakwazanga ukuphuma esibhedlela kepha abebemenyiwe baqhubekile bathokozela i-reception eHillside.

"Ngichithe isikhathi esiningi ngilungiselela umshado wami. Bengingazi ukuthi ngizogcina sengishadela esibhedlela, ngingasenayo enye ingalo.

"Kepha kukho konke lokho, angikhonondi, umshado wami ubumuhle futhi ngimoyeni oqotho," kusho uNdlovu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...