Kukhishwe 8 wezidumbu emayini edilikile

2017-05-27 16:26

Harare - Kukhishwe izidumbu ezingu-8 emayini edilikile yaseMasasa eMazowe. Imayini idilike ngoLwesithathu yavalela ngaphakathi abantu abalinganiselwa kwabayishumi.

Umthombo utshele iBulawayo24.com ukuthi kubavukuzi abangu-8, abayisithupha bavela eMadziva kanti ababili bavela e-Uzumba Marambapfungwe.

Omunye umthombo wasendaweni uthi umgodi kungenzeka ukuba ungamamitha angu-40n ukujula.

OLUNYE UDABA: Ubulale umkakhe emsola ngokuqwayiza

Ngokusho komthombo, izinkampani zemayini, umkhandlu waseMazowe kanye nomphakathi babambisene ukukhipha izidumbu.

Kunokwesabela ukuthi uma umgodi ungavalwa , ungase ubulale inqwaba yabantu njengoba kunabantu abaningi abakholelwa ukuthi kuningi abasangakuthola kuwona, kusho umthombo.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...