Kugxekwe umfundisi othe ingane edlwenguliwe ‘ithole ebikufuna’

2017-11-13 18:01

Rome -  Umfundisi wase-Italy uqubule umsindo ngoLwesine kulandela ukubhala kuFacebook ukuthi intombazane ayidlwengulile izenzile futhi okwenzekile kube yiphutha layo.

Uthi lokhu bekungeke kwenzeke ukube e ntombazane ayiphuzanga yase ihlala nabantu bokufika.

"Ngiyaxolisa, kepha uma ungena esizibeni esigcwele izinhlanzi eziyingozi akumele ukhale uma usulahlekelwa ngumlenze,” kusho uLorenzo Guidotti, ongumfundisi waseBologna, ebhala enkundleni yezokuxhumana uFacebook, ngokusho kwabezindaba zase-Italy.

OLUNYE UDABA: Umfundisi osindisiwe kwelokudlwengula eKZN

Kulo mbhalo omude lo mfundisi ugxeka le ntombazane esencane ngokweminyaka, eyatshela amaphoyisa ukuthi yadlwengulwa yindoda eyahlangana nayo edolobheni iphuzile.

Le ntombazane ithi yadlwengulwa yile ndoda yabe isiphaphama ngokuhamba kwesikhathi ingagqokile ngokuphelele nesikhwama sayo singasekho.

“Mntakwethu ngiyaxolisa, kepha awukwazi ukunkunka utshwala bese uhamba nabantu ongabazi,” kusho lo mfundisi kulo mbhalo.

Ibandla angaphansi kwalo lo mfundisi liziqhelelanisile nalo mbhalo lathi ungumbono walo mfundisi, hhayi owebandla.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...